uWandile Msomi wahlukana nokuhlupheka waqoma ibhayisikili

Indlela umgwedli-webhodi (skateboarder) uWandile Msomi azihlukanisa ngayo nosizi nangendlela asezithandela ngayo ukugibela ibhayisikili.

Uthando olusha olutholwe umgwedli-webhodi (skateboarder) uWandile Msomi ekugibeleni amabhayisikili kangangokuthi useze aligibele ngisho eya emsebenzini eGoli. Lapha lomgwedli-webhodi usixoxela ngokuthi lolu thando lwamabhayisikili lwafinyelela kanjani ukuba iyona yona ndlela ephambili yokusebenza njengesithuthi.

Sengiligibele ibhayisikilli iminyaka emibili kuze kube yimanje. Umdlandla engiwusebenzisayo uma ngigibela ibhayisikili lami nsukuzonke uyangithokozisa. Ziningi izizathu ezingenze ngaqala ukuthi ngihambe yonke indawo ngebhayisikili lami: esokuqala kwaba isinqandamathe sami, yena oseligibele isikhasthi eside kunami.

Esinye sesizathu ukuthi imoto iyahlukumezana ngokomoya kanti futhi ngiyakuzonda ukushayela. Kukhona namaphoyisa omgwaqo agwazisayo kanye nenhlawulo kanye nokukhokhiswa okungaphusile esikwenza uma sikhandisa imoto. Angikakholwa namanje ukuthi sengisebenzise imoto isikhathi eside kangaka.

Ziningi izinto ezingaba nomthelela omubi ekushayeleni imoto : umsindo wokushintshwa kwamagiya , umoya ongemuhle obakhona uma abantu beshayela (niyazi ukuthi ngikhuluma ngani), izingozi, ukufa kwezimoto – kuyakhinyabeza ukusebenza kwengqondo kanye nokuphila kahle nje komuntu. Sengibe umgwedli-webhodi isikhathi eside, futhi ukugcina ingqondo yami isebenza kanye nomzimba wami usebenza kahle iyonanto ebihlezi ibalulekile empilweni yami. Ngakho-ke ukugibela ibhayisikili ilona gxathu ebelenza umqondo kumina.

Abanye bomndeni wami kanye nabangani bayalizonda iqiniso lokuthi ngiwumgibeli webhayisikili. Ikakhulukazi abazali bami sebeze bayeka ukukhononda kodwa kungiphatha kambi ukuthi njalo uma kumele ngibabone kumele ngishayele ukuze baphatheke kahle. Ngakho ke ngaleyondlela ukubabona sekuyimvela kancane kangangokuba ngithanda.

Kuyangithokozisa ukuhamba ngebhayisikili edolobheni. Isimangaliso! Ukubona imidwebo phansi, amajika, ukuphithizela kwabantu, ukuwela kwabantu bengazange baqalaze, indlela abashayeli bamatekisi abakuncoma ngayo noma abakuthuka ngayo. Kunjengokugwedla phakathi kwabantu sengathi igagasi elide labantu.

Yize ngikuthanda ukugibela ibhayisikili, kuyangithokozisa kakhulu ukugibela ibhayisikili ekuseni ngoba kumele ngifunde ukumelana nabashayeli asebeshiywe isikhathi sokuya emsebenzini. Ngiphinde futhi ngibone abantu abazonda amabhayisikili baphinde bakuveze lokho ngokungijikijela ngomoyo ongemuhle kodwa ohlekisayo.

Kwesinye isikhathi ubona abanye abagibeli bamabhayisikili abangabingeleli, abaphakamisi ngisho isandla, ikakhulukazi labo bomgwaqo nalabo ababhayisikili asezintabeni. Ngiyacabanga ukuthi uma begibele amabhayisikili bayathanda ukuthi bazinakele izindaba zabo ngakho kumele ngifunde ukukuhlonipha lokho. Kodwa ngicabanga ukuthi ukubingelela nje okungasho lutho kungenza usuku lubengcono kuwowonke umuntu.

Usuku nosuku luyisifundo esihle kumina ngisuka nje ngihlala ebhayisikilini lami, nginyakazisa umqala njengesikhova. Ukugibela ibhayisikili kube inzuzo kumina: ngisesimweni esigculisayo ngokomzimba, kanti noma sengigwedla ibhodi lami ngizizwa ngingcono kakhulu kulezizinsuku. Selokhu ngiqalile ukugibela ibhayisikili ngokwamaqembu sengihlangane nabantu bohlobo oluhle ngendlela emangalisayo.

IGoli indawo enzima impela ukuthi ungagibela kuyo ibhayisikili kanti futhi libuye libe ingozi kwezinye izikhathi. Sengike ngaze ngashayiswa imoto: sasisendleleni sibheke eSoweto , lombhemu wavele wagibela emva kwami kanye nomngani wami. Kwangithatha izinsuku ezinhlanu emva kwalesi sigameko ukuze ngiphinde ngigibele ibhayisikili lami ebusuku. Kodwa-ke imihuzuko enginayo ingifanele futhi ngizizwa nginokuzithemba okukhulu uma ngisebenzisa ibhayisikili njengengxenye yesithuthi sami njengomgibeli.

IGoli likhulu ingakho ngilithanda … sengisho ukuthi , uma ngabe uya kwamanye amadolobha eNingizimu Afrika ngike ngizwe abantu bengitshela ukuthi ngeke sihambe ngebhayisikili ibanga elingama 40km ngoba kukude kakhulu. Kodwa eGoli kulula kakhulu lokho, ukuphuthuma umhlangano owodwa uya komunye, ukuthenga ukudla okufanele, ukuphuma nabangani kanye nokufinyelela emsebenzini.

Kodwa Igoli lisasalelwe umsebenzi omningi ukuze likwazi ukwenza lelidolobha lizwelane nabagibeli bamabhayisikili. Ngingathanda ukubona imidwebo yemigwaqo phansi engcono ngiyathemba iyeza. Sengizwile ukuthi idolobha lizosebenzisa izigidi ezingama R250 eminyakeni emibili ezayo ekudwebeni umgwaqo wabahamba ngamabhayisikili. Ngiyafisa ukwazi ukuthi kazi abagwedli – bamabhodi bovunyelwa yini bona?

Lesisishicilelo salendaba sivele ekhasini leJohannesburg Urban Cyclist Association
Ukwengezwa kokuthulwa kwalendaba kwethulwe nguPontsho Philane.

Lendaba ibibhalwe ngolimi lwesingisi. Funda eyesingisi lapha. 

Izithombe sizilethelwe abakwa Johannesburg Urban Cyclist Association.