#Ukuhlaselwa eSoweto: “Akekho osisizayo. Akekho onendaba nathi”

Bagcwale izinkalo abanikazi bezitolo bokudabuka eSomali abasebenzela eSoweto; ngemumva kodlame lokuhlaselwa kwabo obekwenzeka ngeviki eledlule.Bafudukela enkabeni yeGoli endaweni yase Mayfair. Bageqele amagula u AAISHA DADI PATEL ngosekwenzeke ezimpilweni zabo selokhu behlaselwe.

Fatuma HassanFatuma Hassan, 30
Enqabile amaphoyisa ukusinikeza inombolo yedokodo. Ngingumama: nginezingane ezine ezineminyaka esuka kweyi -10, neyi-9,nene-3 kanye nenezinyanga-6, futhi bebefuna nokungidlwengula emgwaqweni. Laba bantu abanamahloni. Sekungcono nokuthi sizibuyelele ezweni lethu manje, okungenani siyazi khona sizongcwatshwa ngesizotha ngokohlelo lika janaazah (ukungcwatshwa ngokwesiko lamaSulumane).
FFuad Bare Aminuad Bare Amin, 23
Izolo ebusku (ngoMsombuluko) bagqekeze esangweni lethu. Ngesikhathi bengena ngizamile ukubaleka. Bengingenalutho lokuzivikela kanti bengingedwa. Bashaqe yonke impahla bashiya isiqandisi(frigde) esisodwa. Bangishayile baphinde bangisoconga. Izolo ebusuku ngehora le-11 nqo ezimpondweni umngani wami okunguye ongilethe lapha e Mayfair. Angiyanga ngisho nasesibhedlela futhi angikwazi ngisho nokuya nasendaweni yami yokuhlala. Anginayo ngisho imali yokuhlala edolobheni- isinyathelo nje osithathayo edolobheni udinga ukuthi ube nemali.

Ezweni lapho ngidabuka khona ngalahlekelwa abazali. Anginadadewethu kanti futhi anginamfowethu-ngingedwa vo. Ngisebenza lapha ngithola imadlana engatheni- sisebenza esitolo esisodwa nomunye umbhemu ngokubambisana. Kodwa manje-ke sengilahlekelwe imali yami yonke. Angisenalutho. Ngiyanxusa ukuba uHulumeni angilekele. Esengisele nakho nje ilezi zingubo engizigqokile kuphela. Izolo ngifihle ikhanda endaweni yomunye umhlobo wami, ngoba angisakwazi ukubuyela emumva- kodwa-ke nakhona angizange ngibuthi quthu ubuthongo. Bengingalala kanjani nje?

Aisha AbdiA’isha Abdi, 26
Ngisebenzisana nesigungu somphakathi waseSomali. Ngisazama ukugcina uhlu labo bonke labo abalahlekelwe, kwacekelwa phansi nempahla yabo, abangasazi nokuthi bazoshona kuphi.- bonke abathintekile abeza lapha ngithatha imininingwane yabo. Uma bekudinga ukudla kanye nemzingubo zokulala sibanikeza lokhu esikunikelelwe abantu abanikelayo. Okwamanje ngisanemininingwane eyikhulu yabanikazi bezitolo abehlukene, kodwa akusiyibo bonke- akusibona bonke ababikayo ngokwenzekile futhi abezi bonke lapha. Balahlekelwa yikho konke abanakho. Kuyadabukisa impela.
Ibrahim HassanIbrahim Hassan, 38
Laba bantu bayinkathazo, bagqekeza zonke izitolo zami bathatha yonke impahla ngalobo busuku. Ngesonto eledlule phakathi kwamabili bangena bashaqa kwasani. Kumanje nje asisenalutho asisenandawo yokukhosela. Akekho noyedwa ongisizayo. Umuntu wokuqala osangibuze ngalento uwena nje. Angiboni mphakathi lapha, ngisho namaphoyisa imbala ayingxenye yalenkinga . Bonke babebanga umsindo ngalobo busuku kangangoba kwakungasabonakali umehluko phakathi kokuthi ubani iphoyisa ubani ilunga lomphakathi? Angisazi. Ngibabalekele futhi angazi noma ngiyoke ngiphinde yini ngibuyele emumva.
Ismaeel AdamIsmaeel Adam, 29
Kwasekuhlwile. Baqala abantu babulala isicabha bathatha izinto. Amaphoyisa afika kanye nje . Abakushiya kwaba iziqandisi (fridges) nje kuphela. Sigcine enye impahla kumadala (ikhehla eselikhulile) ongumakhelwane wami waseSoweto, osisizile ukthi silondoloze lokho okusele obekungahlengeka. Laba bantu bangizwise ubuhlungu ; bangigwazile . Sengihlale kulelizwe iminyaka emihlanu kanti sekungokwesithupha lento yenzeka kumina. Akekho osisizayo – hhayi amaphoyisa , hhayi uhulumeni hhayi ngisho neNhlangano yeZizwe (United Nations). Abasigqizi qakala. Akekho onendaba nathi.
Stock from Somali shopsAbdallah Hassan, 45
Uyalibona lelihembe ukuthi lihle kanjani ? Lo dade uqeda kunginikeza lona manje, ngoba anginazingubo. Bafikile bangigcweleza. Benginesitolo eNyakatho neSoweto . Bangitshele ukuthi ngiyikwere-kwere (fucking foreigner) , kumele ngigoduke. Kwenzeka lokhu nangonyaka wezi – 2010. Basishisela izinto zethu . ngangisebenza nabanye abalisa ababili – omunye usewashona kanti omunye wabuyela ezweni lakubo eSudan. Ngabhalisela ka UNHCR ngalesikhathi, ngo2010 kanti kuze kube yinamhlanje abakaze baxhumane nami. Izingane kanye nonkosikazi wami babaleka kulendawo kumanje nje babhajwe phakathi komngcele waseKenya neSomalia. Imina kuphela osengapha.

Izithombe zonke: zithwetshulwe ngu Aaisha Dadi Patel.